The full audio feature  is in IsiZulu.

Mabutho Ngcobo: Ukwethulwa ngokusemthethweni kwekhambi iPediarix, elivikela izifo ezisithupha ezihlasela abantwana abasanda kuzalwa kuzokwehlisa umthwalo wokuya emitholampilo imihla namalanga komama abasanda kubeletha. Lokhu kudalulwe ngokhulumela inkampani iGlaxoSmithKline eqhamuke nalelikhambi, uNkk Dudu Ndlovu.

Dudu Ndlovu: Ivikela izifo eziyithupha ngesikhathi esisodwa. Uma ngingazibala lezizifo Iwhooping cought , polio, hepatits B, tetanus ziwu six sezizonke. Lokhu kuchaza ukuthi ingane encane kunokuthi ijove kaningi izothola umjovo ovikela izifo eziwu six.

Mabutho Ngcobo: Simbuza ukuthi kungani kuthathe isikhathi eside ukuba lelikhambi lisetshenziswe kuleli njengoba latholakala eminyakeni elishumi edlulile kwelaseJalimane, uthe kuningi okumele kulandelwe ngaphambi kokuba ikhambi lithulwe ngokusemthethweni emphakathini.

Dudu Ndlovu: Kunemithetho okumele siyilandele ngaphambi kokuba siyinikeze abantu. Khona manje isiphasile rejistile la eSouth Africa sivumelekile ukuthi siyisebenzise ebantwaneni and nabantu bayabona ukuthi ibalulekile futhi izosiza uma izingane ziyogonywa .

Mabutho Ngcobo: UNkk Dudu Ndlovu uthi bazokhulumisana neziphathimandla zezwe ukuthi lelikhambi litholakale nasezibhedlela zikahulumeni.

Dudu Ndlovu: Sisebenzisana naye uhulumeni khona manje sizozama ukuthi sikhulumisane nabo sikwazi ukuthi bonke abantu abadinga lomjovo lo bakwazi ukuwuthola.

Mabutho Ngcobo: Khonamanjalo sikhulumisane noDokotela uSimmon Strachan onguchwepheshe kwizifo zabantwana nosebenza njengodokotela ozimele kwisejari yakhe eGoli maqondana nalelikhambi. Uthi into ebaluleke kakhulu kuyona yonke imithi nemijovo ethulwa emphakathini ukuphepha uma isitshenziswa. Uthi akakungabazi ukuphepha kwalelikhambi kanye namandla alo.

Dr Simmon Strachan: The important thing whenever there is something new on the market is obviously safety and whether does it work, efficacy. What is clear about this vaccine is that it is as effective as when vaccines are given individually.

Mabutho Ngcobo: Uthi omama abasanda kubeletha bangaqhubeka nemijovo okanye amakhambi ejwayelekile ukugoma abantwana babo, kodwa uthi uma ngabe lelikhambi likhona emtholampilo omama bangatshelwa ukuthi babuye emva kwamaviki ayisishagalombili ukuzothola lelikhambi.

Dr Simmon Strachan: If mothers are going home after having their babies they will get BCG and polio at birth as all babies in this country do. If this six- in-one vaccine is going to be available at your clinic you can say to them come back after 8 weeks.

Mabutho Ngcobo: Njengoba lelikhambi lingakatholakali ezibhedlela zikahulumeni futhi limba eqolo, kusho ukuthi iningi besifazane abazithwele abavela emakhaya adla imbuya ngothi, basazoqhubeka nokusebenzisa amakhambi ejwayelekile ukugoma abantwana babo. Konke kuncike ezingxoxweni phakathi kukahulumeni kanye nalenkampani eqhamuke nalelikhambi ukuthi litholakale nasezibhedlela zikahulumeni ukuze zizotholwa yibobonke abantwana abasanda kuzalwa.

 

 

Author

  • Health-e News

    Health-e News is South Africa's dedicated health news service and home to OurHealth citizen journalism. Follow us on Twitter @HealtheNews